Wamukelekile kulwazi lokufunda nokubhala lwamabanga aphansi ekhaya
Playing and Learning Together
(Ikhasi lezinsiza ngesiZulu )
Leli khasi lizovuselelwa njalo, sizake ulibheke njalo.
Wamukelekile ukuthi wabelane ngaleli khasi usebenzisa izindlela ezingezansi.
Ukudweba kungumsebenzi wengqondo
Uthi bewazi ukuthi ukubhala nokudweba kuthatha ukucabanga nokuhlela, kuyajabulisa ebantwaneni futhi kungumsebenzi wengqondo! Uma bedweba abantwana bayakuqaphela ukuthi into yangempela njengo mama noma ubaba ingavezwa ngesithombe ephepheni. Lokhu kuyingxathu elibalulekile kubantwana abancane. Read More

Khuthaza umntwana enze sengathi uyafunda
Njalo umakukhona ofundela umntwana incwadi, ufunda kanconywana ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumfundi. Ukukhuthaza umntwana enze ngathi uyafunda kuyigxathu elimqoka elibheke ekufundeni ukufunda kahle. Akudingeki ukuba umntwana wakho alinde ukuthi aze afike esikoleni ngaphambi kokuba aqale ukuba ngumfundi. Khuluma nomndeni kanye nabangani ngokuqokelela izincwadi zomntwana wakho. Read More
Khuthaza umntwana enze sengathi uyafunda
Njalo umakukhona ofundela umntwana incwadi, ufunda kanconywana ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumfundi. Ukukhuthaza umntwana enze ngathi uyafunda kuyigxathu elimqoka elibheke ekufundeni ukufunda kahle. Akudingeki ukuba umntwana wakho alinde ukuthi aze afike esikoleni ngaphambi kokuba aqale ukuba ngumfundi. Khuluma nomndeni kanye nabangani ngokuqokelela izincwadi zomntwana wakho. Uma befuna ukunikezela ngezipho ngezikhathi ezikhethekile, bakhuthaze ukuba bakhethe incwadi njenge sipho. Ungabheka izincwadi esezike zasebenza noma isitolo semititilizo yezincwadi esinentengo ephansi.
Ukuthengela umntwana wakho incwadi kuhle ekumtshaleleni ikusasa lakhe!
Ngiyawuthanda umzimba wami
Ukwazi amagama amalunga omzimba kusiza umntwana akhulise ulwazi olujwayelekile ngaye kuphinde kukhulise ulimi, lokhu kwenza ukufunda nokubhala kubekulula kubona abantwana.
Lomdlalo uvumela umntwana wakho azijwayeze ukusho amalunga akhe omzimba. Khuluma kanye naye ngokuthi imaphi amalunga omzimba angawasho. Uma wazi iculo elisho amalunga Read More
Ngiyawuthanda umzimba wami
Ukwazi amagama amalunga omzimba kusiza umntwana akhulise ulwazi olujwayelekile ngaye kuphinde kukhulise ulimi, lokhu kwenza ukufunda nokubhala kubekulula kubona abantwana.
Lomdlalo uvumela umntwana wakho azijwayeze ukusho amalunga akhe omzimba. Khuluma kanye naye ngokuthi imaphi amalunga omzimba angawasho. Uma wazi iculo elisho amalunga omzimba elinane midanso noma iminyakazo ehambelanayo liculeni ndawonye nomntwana wakho. Bangakwazi nokukufundisa iculo lomzimba noma imilolozo abayifunda esikoleni, ebanganini babo noma ekubukeni uhlelo lwabo oluyintandokazi kumabonakude.
Nikeza umntwana wakho isiqeshana sephepha kanye nezinto zoku khilayona ukuze adwebe ngazo. Bakhuthaze ukuba badwebe isithombe zomzimba wabo. Ungaphinda ubanikeze izinto ezingasasebenzi abangazisebenzisa njenge gobhozi lephepha lasendlini encane, amabhokisi empahla, amabhokisi amaqanda futhi bangawa namathisela ngento yokunamathisela ndawonye ukwenza ukwakheka komzimba.
Umangabe umntwana wakho efuna ubhale amanye amagama amalunga omzimba kwizithombe zakhe menzele lokho.
Enza ikhalenda
Ukwenza ikhalenda elilula kuwumsebenzi owusizo kakhulu kubantwana ukuba bawenze, njengoba kubanikeza indlela elula yokuthi babone ukuthi bazokwenzani kusuku nosuku ngalunye kwizinsuku zesonto noma babuyele emumva kwikhalenda labo babheke ukuthi ikuphi abakwenzile kusuku nosuku ngalunye. Read More
Enza ikhalenda
Ukwenza ikhalenda elilula kuwumsebenzi owusizo kakhulu kubantwana ukuba bawenze, njengoba kubanikeza indlela elula yokuthi babone ukuthi bazokwenzani kusuku nosuku ngalunye kwizinsuku zesonto noma babuyele emumva kwikhalenda labo babheke ukuthi ikuphi abakwenzile kusuku nosuku ngalunye.
Ukwenza umntwana wakho awaqaphele amakhalenda nokuthi azi ukuthi asetshenziswa kanjani kunganikeza umntwana wakho ulwazi ngenqubo yakhe kanye neyomndeni uphelele yesonto lonke. Lokhu kungasiza umntwana wakho azizwe ekhuselekile ngoba uzobe azi ukuthi yini ekumele ayilindele. Ukusebenza ngekhalenda kuphinda kusize umntwana wakho abone ukuthi ukubhala kubalulekile futhi kunenhloso ethile.
Ukwenza ikhalenda, hlukanisa iphepha elingabhaliwe libe izigaba eziyisikhombisa – isigaba esosuku ngalunye esontweni. Lekelela umntwana wakho afunde izinsuku zesonto bese nikhuluma ngokuthi kwenzakalani ezinsukwini ezihlukahlukene. Ungakhomba ukuthi izona ziphi izinsuku ezijwayelekile zesikole nokuthi izona ziphi izinsuku eziyimpela sonto. Vumela umntwana wakho abhale noma adwebe isithombe salokhu akujabulele kakhulu ukukwenza kusuku ngalunye. Emva kokudweba ungabalekelela ngoku bhala lokhu abakushoyo ngesithombe sabo. Uma izinsuku ezimbalwa zekhalenda sezigcwalisiwe ningakhuluma ngalezo nsuku avele esezigcwalisile umntwana wakho.
Umdlalo wokufihla fihlelana amaflash khadi
Lomdlalo uyithuba elihle kumntwana wakho ukuba azithokozise kanye nawe ngesikhathi ezijwayeza amagama noma imisindo ayifundayo.
Abantwana bayathanda ukudlala umdlalo wokufihla fihlelana futhi kulomsebenzi bafunda ukuzingela imisindo noma amagama lawa owafihle kude nabo. Enza noma amaflash khadi Read More
Umdlalo wokufihla fihlelana amaflash khadi
Lomdlalo uyithuba elihle kumntwana wakho ukuba azithokozise kanye nawe ngesikhathi ezijwayeza amagama noma imisindo ayifundayo.
Abantwana bayathanda ukudlala umdlalo wokufihla fihlelana futhi kulomsebenzi bafunda ukuzingela imisindo noma amagama lawa owafihle kude nabo. Enza noma amaflash khadi ayisithupha (noma ngaphezulu, lokho kuzocaciswa inani labantwana onabo) usebenzisa izincezwana zamaphepha noma ikhalibhothi lebhokisi elidala lephalishi bese ubhala imisindo noma amagama umntwana wakho awajwayele kuma flash-khadi.
Fihla amaflash khadi ngokuhlukana lapho egumbini noma endlini yonke bese utshela umntwana wakho ukuthi mangaki owafihlile akumele awafune awathole. Emva kwalokho mutshele awacinge lamakhadi afihliwe. Ngena egumbini kanye naye umntwana wakho ngesikhathi ecinga bese umholela kulemisindo oyifihlile kanye namagama ngokuthi uthi “Uyashisa” umangabe eseduze kwegama noma “uyabanda” umangabe lingekho ngalapho igama. Umntwana wakho angawufunda umsindo noma igama uma ekuthola okukodwa kwalokho. Umangabe usebenzisa imisindo lekelela umntwana wakho acabange ngamagama ambalwa aqala ngalowo msindo. Umangabe usebenzisa amagama ke siza umntwana wakho asho umusho onalelo gama phakathi. Ukuzenzela ubumnandi obuthe xaxa vumela umntwawa wakho kube uyena ofihla ama flash khadi bese kuba uwe owacingayo.
Bazokujabulela ukuthola ithuba lokuthi kube ibona abawafihlayo amagama.
Uhlu lamagama: buka, bheka, kanye, njenge, mina, yami, mkhulu, dlala, siza, woza, yena, wathi, nje, nge.
Ukuzingela amaphethini
Uthi bewazi? Ukukwazi ukubona iphethini kuyigxenye ebalulekile kakhulu ekuqaleni kokufunda komntwana wakho. Uma besebenza ngezinombolo, amaphethini abayingxenye futhi uma umntwana wakho eqala ukufunda umbhalo uzobona amaphethini kwizinhlamvu zamagama nakwi misindo isibonelo, imali, iloli, ubulili, babili, kubili wonke anohlamvu noma iphethini yomsindo u ‘li’. Read More

Buza bese uphendula imibuzo
Isikhathi esiningi abantwana bafuna ukwazi isizathu ukuthi kungani izinto zenzeka, ngeke sikwazi ukuhlala sibanikeza izimpendulo ngasosonke isikhathi. Sisengabagqugquzela ukuthi babuze imibuzo. Kwesinye isikhathi abantwana baziphatha kahle uma siphendula imibuzo yabo futhi bayakwazi ukuthi kungani ezinye izinto kumele zenziwe. Read More

Zithokozise kumdlalo wendlela eneziphazamiso
Abantwana bayathanda ukungena bephume, behle benyuke bajikeleze kwizinto zokudlala ezikwindlela eneziphazamiso futhi bazojabula kakhulu uma bekubona uba ingxenye nabo kulo mdlalo. Ngokomsebenzi wanamuhla wena nomntwana wakho ningazithokozisa ngokudlala umdlalo wendlela eneziphazamiso. Read More

Asidlale umasigcozi
Umasigcozi umnandi kubantwana futhi ubanikeza ithuba lokusebenzisa ulimi ngezindlela ezihlukile kulimi lwabo lwansuku zonke. Bafunda ukuhlela nokuba nobuciko.Abantwana bayathanda ukulingisa izindaba abasake bazizwa noma ukulingisa izinto ezenzeka ngempela njengo kwakha isitolo, ukudlala isikole noma ukulingisa ukwenza imisebenzi eyenziwa amalunga omndeni emakhaya noma emsebenzini. Read More

Jabulela isikhathi esihle sokukhuluma nomntwana wakho
Uma kukhulunywa nabantwana futhi nabo benikizwa ithuba lokuthi bakhulume, ikhono labo lolimi lizoya ngokuqina. Abantwana abanekhono lolimi oluhle banethuba elihle lokuthi bakuzwe kulula ukufunda ukubhala kanye nokufunda. Read More

Zithokoziseni ngokuzijwayeza amagama
Maningi amagama abazo hlangabezana nawo abantwana ikakhulukazi uma befunda noma bebhala. Iningi lalawo magama awabizeki kalula ngakhoke kuzondingeka ukuba umntwana wakho awafunde futhi awabhale awaphindelele kaningana ngaphambi kokuba akwazi ukuwakhumbula nokuwapela ngokuzithemba. Read More

Mangaki amagama ongawacabanga?
Uthi bewazi ukuthi abantwana bakuzwa kulula ukufunda ukubhala kanye nokufunda umangabe bazi ukuthi amagama esiwakhulumayo akhiwe imisindo ehlukahlukene? Imidlalo yokulalela isiza abantwana bezwe imisindo kumagama akhulunywayo. Read More

Akha incwadi encane yendaba
Izindaba ziyindlela enhle yokwethula amagama amasha kanye nemibono kulimi lomntwana kanti futhi ukulalela izindaba kubasiza bakhulise ikhono labo lokulalela nokugxila entweni. Ukwakha incwadi encane ngendaba kukhombisa umntwana ukuthi esikwazi ukukukhuluma siphinde sikulalele kungabhalwa phansi ngendlela enomqondo futhi singaku thokozelela kaningana ngokuphindelela. Read More

Qaphela into eyodwa entsha umntwana wakho angayenza!
Cabanga ngabantwana obanakekelayo kanye nezinto obafundise zona kuleli sonto- izinto zansuku zonke njengokuzigqokisa,indlela yokuqoqa izikhwama zabo, ukubingelela abantu abadala.Ingabe bakusizile ukupheka ukudla kuleli sonto futhi bakala nezinkomishi noma babala amaqanda njengoba uwengeza? Ngabe balilungisile itafula babala imimese, izimfoloko nezinkezo? Ngabe nihlelile izingubo ndawonye? Read More

Isikhathi sendaba ngopopayi
Ukusebenza ngopopayi wesokisi kungabonakala sengathi umntwana wakho ‘uyadlala nje’ kepha khumbula ukuthi wonke amathuba okudlala ayithuba lokufunda. Lo msebenzi ufundisa abantwana ukulalela indaba, iphindaphinde indaba ngokulandelana okulungile bese usebenzisa umcabango wabo ukwengeza endabeni. Umntwana wakho angazizwa ekhululekile ukuveza imizwa yakhe ngokukhululeka, ngokukhuluma ngomlingiswa wakhe owupopayi wesokisi. Read More

Culani iculo ndawonye
Abantwana bathanda amaculo kanye nemilolozelo enentshukumo. Akhuthaza abantwana ukuba banyakaze futhi bagcine imizimba yabo isebenza futhi athuthukisa amakhono abo okukhumbula. Ukuphindaphinda kwamaculo kanye nemilolozelo enentshukumo kuzosiza umntwana wakho afunde amagama amasha futhi awahlanganisele nezintshukumo ezifanele. Read More

Libukhali kahle kangakanani ikhala lakho?
Lo msebenzi umnandi futhi uzo kwenza umntwana wakho ajabule ukuthola izinto zokuhogela. Unikeza umntwana wakho amathuba okufunda nokusebenzisa amagama amasha achazayo, futhi umntwana ubuye athole ithuba lokwenza izinqumo ngalokho akuthandayo nangakuthandi! Ukubuza imibono kumntwana wakho kukhombisa ukuthi uyayihlonipha imicabango yakhe. Read More

Asidlale ndawonye
Uma uzinika isikhathi sokubuka umntwana wakho edlala, ungamqaphela ukuthi wenzani, yini abevele eseyazi nokuthi yini anentshisekelo kuyona. Uthola ithuba lokubona ukuthi bayisabalalisa kanjani imibono yabo bese ulalela ukuthi bazilungisa kanjani izinkinga ngesikhathi bedlala. Read More

African Storybook
Usuke wezwa ngo African Storybook? UWordworks uncoma I webhusayithi yakwa African Storybook enezincwadi ezingaphezu kuka-1300 ezitholakala mahhala, izincwadi zezindaba ezihlukile ngezilimi eziningi zase Afrika! Uma unakho ukuxhumana kwe-inthanethi, ciphiza kwi-link esiyifakile. Ungangena uzifundele izincwadi zezindaba ngqo kwi webhusayithi. Read More

Enza isemishi eliconsisa amathe
Ukwenza isemishi kuyinto emnandi ngesikhathi sokuhlafuna noma ngesikhathi sesidlo sasemini. Ilona thuba lomntwana wakho lokhuthi afunde amagama olimi amasha, alandele imiyalelo, afunde amakhono alula empilo, nokuzithokozisa kanye nawe! Ukwenza amasemishi uzodinga isinkwa, ummese nanoma yini yokugcoba amasemishi kanye nozokufaka phakathi kumasemishi onakho lapho ekhaya. Read More

Ncokola nomntwana wakho ngokuthandayo kwisemishi lakho. Vumela umntwana wakho asebenzise imicabango yakhe bese esho noma yini engangena kwisemishi yakhe. Bheka efrijini noma ekhabetheni lokudla ukubona ukuthi yini onayo lapho kwakho ongayisebenzisa ukwenza isemishi lakho eliconsisa amathe. Cela umntwana wakho asho izithako ngesikhathi uziqoqa. Manje enzani isemishi ndawonye nomntwana wakho. Muvumele umntwana wakho ukuba azibandakanye kakhulu kulomsenzi. Khuluma ngokuthi wenzani njengoba uqhubeka wenza. Isibonelo “Asiqobe ushizi ukuze uzoba muningi bese ungena kwinqwaba yamasemishi” noma “Ikha imbijana yebhotela noma imajarin ngommese wakho kancane kancane. Mubuze ukuba ucabanga ukuthi yini ekumele yenziwe elandelayo.
Uma eselungile amasemishi, wasike, bese nithokoze ndawonye niphinde nikhulume ngokuthi azwakala kanjani olimini. Nikeza umntwana wakho ithuba lokuthi adwebe noma abhale izithako azisebenzisile bese ushutha isithombe sesemishi lakhe elimnandi noma isithombe sakhe ezitika ngalo!
Zijabuliseni ngomdlalo wemibuzo kanye nezimpendulo
Uke ukucabange ukuthi ubantwana baakho bangafundani kwiphepha lokuthenga? Bengafunda amagama ezinto nemikhiqizo, ukuthi isuka kuphi nokuthi siyisebenzisa kanjani. Bangakwazi ukuqaphela imisindo yokuqala kwamagama baphinde bafunde amakhono ezibalo njengo kubala izinto nokukhomba imibala. Uzodinga ikhasi lezikhangiso, njengalawa atholakala kumaphepha ndaba noma ngaphakathi ezitolo. Nawu umdlalo omnandi wemibuzo ozowenza nomntwana wakho. Tholani izimpendulo ndawonye, lokhu akusona isivivinyo futhi umntwana wakho akumele azizwe enengcindezi. Read More

Thatha uhambo ngezithombe encwadini
Ubuwazi ukuthi ukukhuluma ngezithombe ngaphambi kokufunda indaba kungasiza abantwana ukuba bayiqonde indaba ngaphambi kokuba ifundwe? Izithombe zibanika umqondo namagama amasha, zisiza abantwana benze ukuxhumana nabake bakubona kwenzeka ezimpilweni zabo, kuphinde kubasize baqagele ukuthi kuzokwenzakalani endabeni. Sinamathisele izithombe ezisuka kwi ncwadi yakwa BookDash ethi “I can get dress myself” (Ngingazi gqokisa mina). Read More

Kungabe sinjani isimo sezulu?
Ukugcwalisa ishadi lesimo sezulu zonke izinsuku nomntwana wakho kumenza azi kangcono ngomhlaba akuwona kanye nokuhamba kwesikhathi. Kukhulisa ulimi lamagama lwabantwana ngokubavumela basebenzise amagama afana nalawa ‘kunenkungu’, ‘kunomoya’, kuyashisa’, ‘kupholile’, ‘kumakhaza’, ‘kuvunguza umoya’, ‘kubalele’, ‘kunomoya’, ‘kunamafu’. Lokhu kuphinde kwakhe amakhono okucabanga njengoba bekhuthazwa ukuba baveze imibono yabo nokuthi bachaze okufanayo nomehluko abawubonayo. Read More

Izinto engizithandayo
Xoxa nengane yakho ngezinto ezithandayo. Ikuphi ukudla akuthandayo? Imiphi imibala ayithandayo? Yiziphi izinto athanda ukuzenza? Isiphi isilwane asithandayo? Yimiphi imidlalo athanda ukuyidlala? Kuhlale kubalulekile ukuchitha isikhathi nezingane zakho futhi wazi izinto abazithandayo. Chitha isikhathi ubatshela izinto ozijabulelayo nawe. Read More

Dweba kanye nomntwana wakho
Abantwana bayathanda uma umuntu omdala ezibandakanya nabo kumsebenzi wabo. Uma udweba nomntwana wakho, uthola ithuba lokukhuluma ngokuthi uzokudweba kanjani lokhu asuke ekubona. Umntwana wakho uthola ithuba lokuzwa ukuthi wena ucabangani futhi lokho kusiza ukumkhombisa indlela okumele acabange ngayo uma enza umdwebo wakhe. Read More

Asenze imisebenzi yasekhaya!
Uthi bewazi ukuthi ukulekelela ngemisebenzi yasekhaya kungakhuthaza umntwana wakho ukuba azizwe eziqhenya ngokuba ilunga lomndeni? Kuphinde kumufundise ukuzimela nokuzibophezela entweni ayenzayo. Ukwenza uhlu lwemisebenzi yasekhaya kusiza umntwana wakho ukuba abone ukuthi ukubhala kubalulekile futhi kunenhloso ethile. Read More

Lalela indaba
Uzodinga izinto zokudlala zasesiteji, ungasebenzisa noma yini ekhona ekhaya lakho – isibonelo izingubo zokugqoka, ifenisha, amathoyizi ukuze nikwazi ukudlala indaba ndawonye. Sikhethe indaba yakwa “Bookdash” ethi “Ufudu luthola indlu yalo” https://bookdash.org/books/tortoise-finds-his-home-by-maya-fowler-katrien-coetzer-and-damian-gibbs/ Read More

Ungaqagela ukuthi isiphi lesosilwane?
Umdlalo wokuqagela usiza abantwana ukuqoqa imicabango kanye nemibono yabo. Bafunda amagama amasha kanye nolwazi olusha ngendlela ewumdlalo nethokozisayo. Uma abantwana beqala ukuqagela noma ukubuza imibuzo, kubalulekile ukuba ubenesineke nokuthi ubancome ngokuzama kwabo noma kungathiwa benza amaphutha. Read More

Dweba isithombe ngopende
Ukupenda kyindlela emnandi yokuziqeqesha ukwenza umaka ephepheni. Lokhu kulungiselela abantwana abasebancane ukukwazi ukubhala ngokuzayo. Ngaphandle kokuba mnandi kakhulu, kuphinde kusize ukuqeqesha imisipha yezandla nokubakhuthaza ukubhala imicabango yabo ephepheni. Read More

Abalingiswa bendaba abenziwe ngenhlama yokudlala
Ukudlala ngenhlama yokudlala kuvocavoca iminwe kuphinde kuqinise imisipha edingekayo uma ubhala. Ulimi lwamagama oluhle nokukwazi ukulandelanisa imibono kusiza abantwana bafunde nokuthi babhale kangcono! Read More

Dlalani ngamagama
Kunamagama amaningi avela njalo kwizincwadi zokufundela abantwana. Iningi lalamagama awazwakali uma uphimisa umsindo wawo uhlamvu ngohlamvu. Abantwana kudingeka bawafunde baphinde bawabhale lamagama izikhathi eziningana ngaphambi kokuba bakwazi ukuwaqaphela nokuwapela ngokuzithemba. Lomdlalo unikeza abantwana ithuba lokuzijwayeza lelikhono. Read More

Ukuzijabulisa ngokuthintathinta esikhwameni
Ulimi lwamagama olucebile luzosiza ukulekelela umntwana wakho ukuba awazi amagama anzima angahlangabezana nawo ezincwadini kuphinde kukhulise ikhono lakhe lokubhala. Lomsebenzi usiza ukwakha amagama olimi kumntwana wakho ngokumvumela ukuba alalele noma asebenzise amagama angajwayele ukuwasebenzisa. Read More

Qaphela lokhu osekufundwe umntwana wakho
Abantwana bafunda ngokushesha basebenze ngamaphutha ambalwa uma bezizwa bekhululekile futhi bezethemba. Qaphela osekufundwe umntwana wakho ngesikhathi enza lokhu okumthokozisayo njengo kulalela indaba, ukudweba isithombe, ukwakha iphazili noma ukupheka kanye nawe. Read More

Enza ama-pancake
Landela le resiphi elula esiyinamathisele ukwenza ama-pancakes amnandi, alungele i-lockdown birthday phathi noma isipho esikhethekile! Vumela umntwana wakho akulekelele ukuqoqa yonke into ozoyidinga, axube izithako bese elandela izinyathelo kanye nawe. Khumbula ukuhlala ubaqaphile abantwana abancane ekhishini. Read More

Ukuhlela izingubo
Cela abantwana bakho bakulekelele ukuhlela izingubo uma usukulungele ukuzigoqa nokuzibeka kahle. Khuluma nomntwana wakho bese uyamkhuthaza ukuba acabange ukuthi iziphi izinto ezihamba ndawonye nokuthi kungani zihamba ndawonye. Ungathi kuye “Asibeke wonke amasokisi ndawonye” Manje asibheke amasokisi azohamba ngamabili afanayo futhi imina ozowagoqa”. Read More

Umdlalo wokukhumbula
Uzodinga: Izinto ezi-4 noma ezi-5 ezincane ongazithola egcekeni lomuzi wakho, Itreyi noma itafula. Indwangu ozomboza ngayo izinto. Inani lezinto ongazisebenzisa lizoncika kwiminyaka yontwana wakho. Kubantwana asebefunda imisindo yamagama, zonke izinto ezifakiwe zingaqala ngendlela efanayo noma ngomsindo ekugxilwe kuwo. Read More

Ukuzingela izinto
Bhala imisindo (b, m, p, r, s, t) kwizingcezu ezihlukene zamaphepha, zigoqe bese uzifaka esigqokweni. Vumela umntwana wakho atomule umsindo owodwa esigqokweni bese ebheka izinto endlini eziqala ngaloyo msindo noma ezinomsindo okugxilwe kuwo.Read More

Yenza ikhadi elilodwa lesithombe
Uzodinga omagazini noma amapheshana amadala, irula, ipensela, isikelo, amakhadibhodi kanye nesinamathelisi. Sika unamathisele isithombe esisodwa ekhadini ngalinye. Read More

Imidlalo yokulalela
Kubalulekile ukusiza izingane ukuthuthukisa amakhono azo okulalelisisa. Ngamakhono amahle okulalela ungaqonda ukuthi umuntu ukhuluma ngani futhi ulandele imiyalelo uqedele nemisebenzi. Read More

Ukwenza isikhehlekhehle
Uthi bewazi? Ukucula nomculo kubalulekile kuwo wonke amasiko futhi kungenye indlela enamandla yokufunda ulimi, kanti futhi kumnandi kakhulu.
Kwakha ubuhlakani. Read More

Bhala uhlu lokuthenga
Vumela umntwana wakho ukuba akusize ubhale uhlu lokuthenga. Nje ngoba nikhuluma ngokuthi yini eniyidingayo estolo njengomndeni, nikeza umntwana wakho ithuba lokuba azame ukubhala izinto enizidingayo ohlwini. Angeke bakubone lokhu njengomsebenzi wokubhala kodwa bazokubona njengomsebenzi wabantu abadala lokho kuzo kwenza kube mnandi kakhulu kubona. Read More

Dlala ngamabhulokhsi
Kungani kubalulekile? Lapho izingane zidlala ngamabhulokhsi noma ngamabhokisi owosayizi abahlukene nezitsha bafunda amakhono amaningi amasha awusizo. Bafunda ukuthi bangalinganisa kanjani into eyodwa phezu kwenye futhi bathola ukuthi kungani belinganisa – noma kungani kuwela phansi! Bafunda ukuxazulula inkinga, babe nobuciko futhi basebenzisane. Read More

Enza eyakho iphazili ekhaya
Isithombe sikhombisa izingcezu ezine zephazili yokuzakhela ekhaya. Zingasiza abantwana baqaphele ngokucophelela bese beqhamuka namagama achazayo noma awokuzakhela. Iphazili yenziwe ngesithombe esibekwe phezu kwekhathoni labe seliyasikwa. Read More

Khuluma ngomdwebo womntwana wakho
Abantwana bayakuthokozela ukudweba. Uma beqhubeka nokudweba babanentshisekelo kwimininingwane eseduze nabo. Bangadweba ingxenye abayithandile endabeni, noma badwebe ngabake bahlangabezana nakho, noma bazakhele abalingiswa abasuka emqondweni nomongo (izimo). Read More

Asihambe siyothenga
Dweba isithombe senqola noma ubhasikidi wokuthenga. Nikeza abamntwana ukuba basike izithombe zezinto abangafisa ukuzithenga,bese bezinamathisela kubhasikidi. Banike ithuba lokuthi bathenge ukudla kwabo abakuthandayo noma izinto abazidingayo zephathi noma ukudla okunomsoco. Read More

Khuluma ngokubhaliwe
Uma sikhuthaza abantwana ukuba baqaphele izimpawu, amalogo kanye namalebula, bazoba nentshisekelo enkulu kokubhaliwe okubazungezile. Bazobe sebebuka izithombe noma amalogo bese bezama ukuzitholela ukuthi kusho ukuthini. Bazobe sebeyaqala bayabona ukuthi okubhaliwe kunenhloso ethile nokuthi kungasitshela ngezinto eziwusizo. Read More

Uthi ubuwazi?
Ngokubala nsuku zonke abantwana bangafunda ngokushesha ukukulandelanisa izinombolo ngendlela okuyiyoyona, lokho kuyobasiza ngezibalo uma sebeya esikoleni. Lalela ukubala kwabantwana bakho kodwa ungabagxeki umabenza amaphutha ngoba basafunda ukubala. Read More

Abelanani ngezindaba zomndeni ezakhayo nezindaba zansuku zonke
Uthi bewazi? Ukulalela izindaba zezinto ezenzeka kudala emndenini kunganikeza abantwana ithuba lokuthola umuzwa wokwazi imvelaphi yabo. Bafunda nangolimi olwalusetshenziswa uma kuxoxwa izindaba zasemandulo. Ukulalela izindaba ezixoxwayo kwenza kube lula ukuthi nawe ngelinye ilanga ukwazi ukuxoxa indaba yakho. Read More
Abelanani ngezindaba zomndeni ezakhayo nezindaba zansuku zonke
Uthi bewazi? Ukulalela izindaba zezinto ezenzeka kudala emndenini kunganikeza abantwana ithuba lokuthola umuzwa wokwazi imvelaphi yabo. Bafunda nangolimi olwalusetshenziswa uma kuxoxwa izindaba zasemandulo. Ukulalela izindaba ezixoxwayo kwenza kube lula ukuthi nawe ngelinye ilanga ukwazi ukuxoxa indaba yakho.
Xoxa ngomcimbi womndeni
Thola isithombe esikukhumbuza ngimcimbi womndeni obalulekile. Sebenzisa amagama afana nalawa ‘Kuphi?’ ‘Ini?’ ‘Ngobani?’ ‘Nini?’ ‘Kanjani?’ ‘Ubani?’ ukukhuluma ngomcimbi.
Umangabe ungasitholi isithombe qala ingxoxo ngokuthi “Uyakhumbula ngesikhathi mhlazane… ” Read More

Enza inhlama yokudlala nabantwana bakho
Ukwenza ndawonye inhlama yokudlala umsebenzi wasekhaya omuhle kakhulu. Uma wenza lomsebenzi uthola ithuba lokukhulisa ulimi lwabantwana ukuthi bafunde ngaphandle kokuba bakuqaphele ukuthi bayafunda. Khuluma nabo ngezinto ozozifaka nozozisebenzisa. Read More

Enza umlingiswa ngenhlama yokudlala
Cela abantwana ukuba babumbe umlingiswa ngenhlama yokudlala. Uma bebumba umlingiswa bangenza izingalo, imilenze kanye namehlo ngezinti, ngamatshe nezivalo zezigubhu ukuze umlingiswa ezobukeka njengo muntu! Read More

Chaza noma ucacise ukuthi izinto zisebenza kanjani
Ukuxhumana kwansuku zonke kuyithuba elihle kakhulu lokucacisa noma lokuxoxa ngezinto ukuthi zisebenza kanjani. Uma umntwana wakho ekhomba, isibonelo ikhala lendlovu elide esithombeni, ungathi Read More

Sebenzisa amagama akhuthazayo
Bonke abantwana bafunda kangcono uma bezizwa belekelelwa futhi begqugquzelwa. Kungaba bakuxoxela izindaba, noma badweba izithombe noma bazama ukubhala noma ukufunda ibanesineke wazi ukuthi ukufunda kuthatha isikhathi. Sebenzisa amagama akhuthazayo nagqugquzelayo ukuze ukhulise ukuzithemba kubantwanwa nokubakhuthaza ukuba baqhubeke nokuzama. Read More

Sibhalela amalunga omndeni izincwadi noma siwadwebele izithombe
Sebenzisa ujeke noma ikopi elingenalutho ukwakha ibhokisi lekopi. Ungamulekelela umntwana wakho ukuhlobisa. Khuthaza umntwana wakho ukuba abhalele ilunga ngalinye lomndeni incwadi noma alidwebele isithombe. Thathani izinsuku ezimbalwa nenza lomsebenzi niqikelele ukuba alikho ilunga lomndeni elisalile. Read More

Siza abantwana ukuzijwayeza izinhlamvu zamagama
Uma abantwana bezijwayeza ukudlala ngezinhlavu zamagama ngezindlela ezijabulisayo bengasebenzisi izincwadi zabo zesikole, ilapho bezozwa kushesha futhi kuzenzakalela ukubhala uma sekuyisikhathi sokubuyela esikoleni. Read More